[IZINDABA]UMengameli weANC uCyril Ramaphosa ephelezelwa ngamalungu esigungu esiphezulu saleliqembu bahambele umndeni kulandela ukudlula emhlabeni kukalowo owabe eyiphini likaMengameli wezwe uDokotela Phumzile Mlambo-Ngcuka. #SABCNews
[IZINDABA]Inkantolo ephakeme yasePitoli ibilalele izethulo zokugcina ecaleni elibhekene nalowo owabe engungqongqoshe wezokuvikela waphinde waba uNosiviwe Mapisa-Nqakula. UMapisa-Nqakula ubhekene namacala enkohlakalo nokushushumbisa umali ngokungemthetho.#SABCnews
[IZINDABA] Inhloko yophiko lwezobunhloli uLieutenant General Dumisani Khumalo kanye nabanye osigaxamabhande basemaphoyiseni sebemangalele i-IDAC, i-NPA, uNgqongqoshe wamaphoyisa kanye nowezobulungiswa befuna isinxephezelo sezigidi eziyikhulu neshumi nambili zamarandi.#SABCNews
[IZINDABA]IPhini likaMengameli wezwe uPaul Mashatile uxwayise ngokuthi kuseyinselele enkulu ukuhlanzeka kwamanzi.#SABCNews
[IZINDABA]Lihlehliselwe umhla ziyishumi nomuvo kuMasingana ngonyaka ozayo icala elibhekene nosomabhizinisi waseNorth West uSuliman Carrim. Lelicala lihlehliswe emva kokuthi abameli bakaCarrim bengavelanga enkantolo.#SABCNews
[IZINDABA]Inkantolo ephakeme yase Goli izwe izethulo zokugcina esicelweni somsolwa uMusa Kekana nofuna kuchithwe ubufakazi obatholwa amaphoyisa ngosuku lokuboshwa kwakhe. U Kekana, uVusimuzi "Cat" Matlala nabanye babhekene namacala okubalwa kuwo elokuzama ukubulala.#SABCnews
[IZINDABA] Ugcine uhlehliselwa uLwesihlanu umhlangano wokuqala womkhandlu wase Goli. Yize efungiswe wonke amakhansela, uMengameli weActionSA uHerman Mashaba okulindeke ukuthi aqokwe njengeMeya kusazofanele alinde izinsuku ezimbalwa.#SABCnews
[IZINDABA] I-ANC, i-MKP, i-ActionSA, i-EFF kanye ne-IFP sebevumelane ngokwabelana ngamandla kuyo yonke imikhandlu yomasipala lapho benezihlalo khona kanti lamaqembu kulindeleke ukuthi acikice isivumelwano sokubusa ngokubambisana esiphakanyiswe yi-ANC.#SABCnews
Kuboshwe ababili kulandela isagameko sokudubula esenzeka eWorcester, nokuyisigameko esiholele ekutheni kushone abantu abayisithupha. Kanti naseKhayekitsha kudutshulwe kwabulawa abane endaweni yokucima ukoma. Amaphoyisa ayaqhubeka nokuthungatha abanye abasolwa...#sabcnews
168
Eqhubeka nokwethula ubufakazi ecaleni lokubulawa kuka-Senzo Meyiwa u-Colonel Percy Selematsela utshele inkantolo ephakeme e-Pitoli ukuthi ibhuku ekubhaliswa kulo uma uthatha imoto yombuso ligcinwa umphathi siteshi alihlali kunoma ubani...#sabcnews
Inkantolo ephakeme Egoli iyaqhubeka nokulalela izethulo zokugcina esicelweni somsolwa wokuqala uMusa Kekana nofuna kuchithwe ubufakazi obatholwa amaphoyisa ngosuku lokuboshwa kwakhe...#sabcnews
Iphini likaMengameli wezwe uPaul Mashatile livule ngokusemthethweni izingxoxo ngohlelo lwamanzi kanye nenhlanzeko kuzwelonke ezizothatha izinsuku ezinhlanu eThekwini. Lezingxoxo zithanyelwe abaholi bakahulumeni, abaphathi bemboni kanye nabalingani bamazwe omhlaba...#sabcnews
Inkakha yezokusakaza Dudu "Lady D" Khoza ungomunye kwabashayeke kakhulu ngokudlula emhlabeni kukalowo owabe eyiphini likaMengameli wezwe uDokotela Phumzile Mlambo-Ngcuka. Ubungani babo sebudonse iminyaka engaphezu kwamashumi amahlanu...#sabcnews
Bezitheleke ngobuningi bazo izikhulu, abangani kanye nozwakabo bowabeyiPhini likaMengameli wezwe uDokotela Phumzile Mlambo-Ngcuka ongasekho, ukuzoletha umkhuleko kanye nokududuza umndeni...#sabcnews
Lihlehliselwe umhla ziyishumi nomuvo kuMasingana ngonyaka ozayo icala elibhekene nosomabhizinisi waseNorth West uSuliman Carrim...#sabcnews
Namhlanje ikhomishana kaMadlanga ilalele ubufakazi buka Witness C osedalule izinsolo zokuthi iphoyisa le-JMPD uJohnny Mokgatle wazama konke okusemandleni akhe ukuvikela abasolwa okubalwa kubo uKatiso "KT" Molefe ecaleni lokubulawa kowayengunjiniyela u-Armand Swart...#sabcnews
Isigungu esiphezulu se-ANC sibambe umhlangano namhlanje, nalapho ithimba laleliqembu ebelihola izingxoxo zokwabelana amandla namanye amaqembu lizokwethula izivumelwano eziphume kulemihlangano...#sabcnews
Inhlangano iMarch and March inqume ukuqhuba imashi yayo emigwaqeni yaseKorsten eGqeberha namhlanje, nokuyimashi emelene nalabo abahlezi kuleli ngokungekho emthethweni#sabcnews
1
125
Inkantolo yeMantshi ePitoli ichibiyele kabusha umbandela webheyli kasomabhizinisi uSuliman Carrim okuhambisana nokwehluleka kwakhe wukuvela phambi kwesithangami sekhomishana kaMadlanga#sabcnews
1
96
